Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:43 - IsiZulu 2020

43 U-Aroni namadodana akhe bayowagqoka lapho bengena ethendeni lokuhlangana, nalapho besondela e-althare ukuyokhonza endaweni engcwele, uma bengenzi kanjalo bayakuzithwesa icala, bafe. Lokhu kuyakuba yisimiso saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 U-Aroni namadodana akhe kumelwe bembathe lapho bengena etendeni lokuhlangana, noma lapho beza e-altare ukuze bakhonze endlini engcwele; ukuze bangathwali ububi futhi bafe; kuyakuba yisimiso esiphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe emva kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:43
18 Referans Kwoze  

Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


Awuyukwenyukela e-althare lami ngezitebhisi, funa kwambulwe ubunqunu bakho.’ ”


“Uma umuntu ona, enza noma yini ephambene nemiyalo uSimakade aniyale ngayo ukuthi mayingenziwa, noma ebengazi, uyoba necala, futhi alithwale icala lakhe.


Abantu bakwa-Israyeli abayukusondela ethendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.


“ ‘Ngakho-ke bayogcina umyalo wami; ukuze bangabi nesono ngenxa yawo, bese befa ngokuba bewujivazile; nginguSimakade obangcwelisayo.


ukuze bangaphinde banikele imihlatshelo yabo emadimonini abaphinga nawo. Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kubo, ezizukulwaneni zabo.’


“ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.


Bayogeza izandla nezinyawo zabo ukuze bangafi. Lokhu kuyakuba ngumyalo ophakade kubo, kuye nasezizukulwaneni zakhe ngokwezizukulwane zazo.”


Uyoyibeka impepho emlilweni phambi kukaSimakade ukuze ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi.


“ ‘Kuyothi lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izembatho zelineni, bangembathi sembatho esenziwe ngensonto ngesikhathi bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.


“ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”


Abayukuhlambalaza izinto ezingcwele abanikela ngazo kuSimakade abantu bakwa-Israyeli,


Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade.


USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Uyabona-ke, Mina ngikunike igunya phezu kweminikelo yami naphezu kwazo zonke izipho ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli. Ngizinike wena namadodana akho njengengxenye eyisimiso sabaphristi phakade.


Lapho seninikelile ngokwekhethelo kwakho, aniyukuba nacala, kodwa aniyukuzingcolisa izinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, futhi aniyukufa.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite