Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:41 - IsiZulu 2020

41 Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Uyakugqokisa u-Aroni umfowenu namadodana akhe kanye naye; ngibagcobe, ngibangcwelise, ngibangcwelise, ukuze bangikhonze njengabapristi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:41
24 Referans Kwoze  

Uyothatha amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


Ningaphumi emnyango wethende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaSimakade aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.


Uwagcobe njengalokhu wenzile kuyise, ukuze angikhonze engabaphristi. Ukugcotshwa kwabo kuyobangenisa ebuphristini baphakade izizukulwane ngezizukulwane.”


Uyobopha u-Aroni namadodana akhe ngemibhunkulo okhalo lwabo, ubathwese nezigqoko, ubuphristi buyakuba ngobabo ngokwesimiso saphakade. Uyakumbeka kanjalo u-Aroni namadodana akhe.


Ngokuba umthetho ubeka abantu abanobuthakathaka ngokwemvelo ukuba babe ngabaphristi abakhulu, kodwa izwi lesifungo elalandela umthetho libeka iNdodana ephelelisiwe, kuze kube phakade.


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


I-althare bayakulenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, balihlambulule, balingcwelise.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Kuyothi ngalolo lusuku umthwalo wabo uyakususwa emahlombe akho, nejoka labo entanyeni yakho, ijoka liyonqamuka ngenxa yokunona.


Yilawo-ke amagama amadodana ka-Aroni ayegcotshwe aba ngabaphristi abehlukaniselwe ukukhonza bengabaphristi.


“Uyokwenza kanjalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengalokhu ngikuyalile; ukubehlukanisa kuyothatha izinsuku eziyisikhombisa.


ukubeke konke lokhu ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.


Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


Uyakugqokisa u-Aroni izingubo ezingcwele, bese umgcoba, umngcwelise, ukuze angikhonze engumphristi.


Uyogeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izembatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu; azenzele yena nabantu ukubuyisana.


Uyokwenza ngakho impepho, ukuxube namakha njengomthaki, ukufake usawoti ukuze kube yinto ecwengekileyo nengcwele.


Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite