Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:4 - IsiZulu 2020

4 Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande,* bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi lezi yizingubo abayozenza; isihlangu sesifuba, nendwangu yamahlombe, nejazi, nejazi elelukiweyo, nesigqoko, nebhande; futhi kumelwe benzele umfowenu u-Aroni namadodana akhe izingubo ezingcwele, ukuze angikhonze njengompristi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:4
20 Referans Kwoze  

Khona manjalo ngabona embonweni amahhashi nabawagibele befake izivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule. Amakhanda amahhashi ayenjengamakhanda amabhubesi, ekhafula umlilo emilonyeni yawo, umusi nesibabule.


Ngakho-ke yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,


Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa,


Wembatha ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha; wazisonga ngokushisekela njengengubo.


Ukulunga kuyoba yibhande okhalo lwakhe, ukwethembeka kube yibhande lamanyonga akhe.


UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


UDavide wathi ku-Abhiyathara, umphristi, indodana ka-Ahimeleki: “Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe.” U-Abhiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.


Ngesikhathi u-Abhiyathara, indodana ka-Ahimelekhi, ebaleka eya kuDavide eKheyila, wehla ephethe ingubo yamahlombe ngesandla sakhe.


Inkosi yathi kuDowegi: “Phenduka nawe, ubabulale abaphristi.” UDowegi wakwa-Edomi waphenduka, wababulala abaphristi ababalelwa ema-85, ababembethe ingubo yamahlombe, ngalolo lusuku.


USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.


benza namaqhiya ngelineni elicolekileyo, okunye kokuthwala ekhanda ngelineni elicolekileyo, nezingubo zangaphansi ngelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo,


amatshe amashohamu, namatshe okuhlobisa ingubo yamahlombe nasesifubeni.


Uyakumethwesa umshuqulu ekhanda, bese ubophela umqhele ongcwele emshuqulweni.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite