Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:12 - IsiZulu 2020

12 Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kumelwe ubeke amatshe amabili emahlombe endwangu yamahlombe abe amatshe esikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni kumelwe athwale amagama abo phambi kukaJehova emahlombe akhe omabili abe yisikhumbuzo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:12
23 Referans Kwoze  

“U-Aroni uyokwembatha amagama amadodana ka-Israyeli esivikelweni sesifuba sokwehlulela esiqondene nenhliziyo yakhe, lapho engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo esingapheliyo phambi kukaSimakade.


nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide elalivela ezinduneni zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha ethendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantu bakwa-Israyeli phambi kukaSimakade.


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo kuyo yomibili imigqa, ibe yisikhumbuzo somnikelo wesinkwa, umnikelo womlilo kuSimakade.


Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.


ukwenzela okhokho bethu isihawu, nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele;


Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu,


Ezingangeni zakho Jerusalema, ngimisile abalindi. Abayukuthula nakanye imini nobusuku. Nina enibakhumbuza ngoSimakade, maningaphumuli,


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.


Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe ezihlanganisiwe emachosheni azo ukuze zikwazi ukubopheka.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.


yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”


Njengomqophi eqopha isisicilelo, uyowaqopha lawa matshe amabili ngamagama amadodana ka-Israyeli, bese uwafaka azungezwe yizisekelo zegolide.


“NgoBhenjamini wathi: ‘Othandiweyo kaSimakade uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.’


Impela, bengiyakuyithwala emahlombe ami, ngiyibophele kimi njengomqhele wami,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite