Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:11 - IsiZulu 2020

11 Njengomqophi eqopha isisicilelo, uyowaqopha lawa matshe amabili ngamagama amadodana ka-Israyeli, bese uwafaka azungezwe yizisekelo zegolide.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Njengomsebenzi womqophi wamatshe, njengokuqoshwa kophawu, uyakuqopha amatshe omabili ngamagama abantwana bakwa-Israyeli;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:11
16 Referans Kwoze  

Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa amandla okuba ziwone umhlaba nolwandle,


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa.


Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso


Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha umbhalo kulo, bese ngisusa bonke ububi baleli lizwe ngalusuku lunye,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “noma ngabe uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ube yindandatho yokusicilela esesandleni sami sokunene, bengiyokukuhluthula khona lapho,


Izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka emiphethweni yomibili, bazibeka ezizibeni ezisemahlombe ukuya ngaphambili kwazo.


emugqeni wesine kwaba yikhrisolithe, yi-oniksi, nejasiperi; ayezungezwe yizisekelo zegolide lapho ayefakwe khona.


Balungisa amatshe e-oniksi, ayezungezwe yizisekelo zegolide, eqoshwe njengendandatho, kwaqoshwa kuwo amagama amadodana kaJakobe.


“Uyokwenza ucwecwe lwegolide elicwengekileyo, uqophe kulo njengokuqoshwa kwendandatho, ukuthi: ‘Wehlukaniselwe uSimakade.’


Amachopho amabili amagoda, uyowathandela ezisekelweni bese uwathandela phambili ezizibeni zengubo yamahlombe.


Kuyakuba ngamatshe ali-12 ngangesibalo samagama amadodana ka-Israyeli. Ayofana nezisicilelo, yilelo nalelo liqoshwe igama lesizwe ngasinye kwezili-12.


amagama ayisithupha etsheni elilodwa, namanye ayisithupha kwelinye itshe njengokwelamana kwawo.


Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.


aqoshwe edwaleni ngosiba lwensimbi nomthofu, ukuze ahlale ingunaphakade!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite