Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 26:33 - IsiZulu 2020

33 Uyolengisa isihenqo phansi kwamahhuku asophahleni, bese ungenisa umphongolo wesivumelwano phakathi kwesihenqo, isihenqo siyakunehlukanisela indawo engcwele nendawo engcwelengcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Uyakuphanyeka isihenqo phansi kwezinkibaniso, uwungenise umphongolo wobufakazi khona phakathi kwesihenqo, isihenqo sinahlukanisele indawo engcwele nendawo engcwelengcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Ulengise isihenqo ngaphansi kwabakaki, ukuze ungenise umphongolo wobufakazi phakathi kwesihenqo; isihenqo kumelwe sinihlukanisele phakathi kweNgcwele neNgcwelengcwele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 26:33
16 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


Wawungenisa umphongolo ethabanakelini, wamisa isihenqo sokuhenqela umphongolo wesivumelwano, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Uyofaka emphongolweni izibhebhe zamatshe engizokunika zona.


Kwathi lapho abaphristi sebephumile endaweni engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaSimakade,


Abaphristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endaweni yawo egumbini lendlu eliphakathi; endaweni engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubhi.


Balenzela izinsika ezine ngokhuni lomkhambathi bazicaka ngegolide, izinkintsho zalo ziyigolide. Balenzela nezisekelo ezine zesiliva.


izinsika zalo ezingama-20, nezisekelo zazo ezingama-20 ziyokwenziwa ngethusi; izinkintsho zezinsika nezibopho zazo zenziwe ngesiliva.


Uyosilengisa ezinsikeni ezine zokhuni lomkhambathi ezicakwe ngegolide, ezinezinkintsho zegolide, futhi zimi ezisekelweni ezine.


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo.


Wakha futhi amakhubhithi angama-20 ngamapulangwe emisedari ngaseceleni lendlu langasemuva, kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.


Wakha indawo engcwelengcwele: ubude bayo bulingana nobubanzi bendlu, ingamakhubhithi angama-20, nobubanzi bungamakhubhithi angama-20. Wayicaka ngegolide elicolisekileyo elingamathalenta angama-600.


Wakala ubude bokuphakathi kwaba ngamakhubhithi angama-20 phambi kwethempeli. Wayesethi kimi: “Lena yindawo engcwele kakhulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite