Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 25:9 - IsiZulu 2020

9 Yenzani konke njengalokho engizakunikhombisa khona, umfanekiso wethabanakeli, nayo yonke impahla ekulo, niyakuyenza kanjalo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele* nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Njengakho konke engikubonisa khona, njengesifanekiso setabernakele nesifanekiso sezinto zonke zalo, niyakulenza kanjalo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 25:9
13 Referans Kwoze  

Qikelela ukuba lokho ukwenze ngendlela okhonjiswe yona kule ntaba.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”


“Okhokho bethu babenethende lobufakazi ehlane njengalokhu kwakuyale uNkulunkulu ngoMose ukuba alenze ngomfanekiso ayemkhobise wona.


Ngokuba ingumfanekiso walesi sikhathi samanje, okulethwa ngaso iminikelo nemihlatshelo, engenakumenza okhonzayo abe nonembeza omsulwa.


uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.


Ngokuba kwakhiwa ithabanakeli lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, itafula, nesinkwa sokubukwa; libizwa ngokuthi yiNdawo eNgcwele.


“Uyolimisa ithabanakeli ngendlela owakhonjiswa yona entabeni.”


Uthi lwezibani lwalwakhiwe ngegolide elicangcathiweyo, kusukela esinqeni salo kuya ezimbalini zalo. Lalifana nse nomfanekiso uSimakade awubonisa uMose; walwenza kanjalo uthi lwezibani.


Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.


“Bayothatha zonke izimpahla zokukhonza abakhonza ngazo endaweni engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza okwesibhakabhaka, bazemboze ngesikhumba samahlengethwa, bazibeke ohlakeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite