Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 25:21 - IsiZulu 2020

21 Uyosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake phakathi izibhebhe zamatshe engizokunika zona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kumelwe ubeke isihlalo somusa phezu komphongolo; futhi emkhunjini kumelwe ubeke ubufakazi engizokunika bona.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 25:21
13 Referans Kwoze  

Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo wesivumelwano endaweni engcwelengcwele.


Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Njengalokhu uSimakade emyalile uMose, u-Aroni walibeka i-omeri lemana phambi kobufakazi, ukuze lilondolozeke kahle.


Uyolibeka i-althare phambi kwesihenqo esingaphezu komphongolo wesivumelwano, phambi kwesihlalo somusa esingaphezu kwawo, lapho ngiyohlangana nani khona.


Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


Uyoyibeka impepho emlilweni phambi kukaSimakade ukuze ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi.


Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.


Uyozibeka ethendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana nawe khona.


Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, lapho uSimakade enza khona isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


Bayiletha indodana yenkosi base bebeka umqhele, bayinika ubufakazi, bayibeka yaba yinkosi. UJehoyada namadodana akhe bayigcoba, bathi: “Mana njalo, nkosi.”


Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite