Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 24:17 - IsiZulu 2020

17 Ukubonakala kwenkazimulo kaSimakade kubantu bakwa-Israyeli kwakufana nomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Umbono wenkazimulo kaJehova wawunjengomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 24:17
14 Referans Kwoze  

ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye elangabini lomlilo phakathi kwesihlahla. Wabona ukuthi isihlahla siyavutha, kodwa asipheli.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


Kwesingenhla sokusamuntu, okhalo lwakho, ngabona ithusi elimenyezelayo, into efana nomlilo imzungezile. Kwesingezansi sakhe kulokhu okubukeka salukhalo, ngabona umlilo ukhazimula nxazonke.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


Njengothingo lwenkosazana emva kwemvula, kwakubonakala kunjalo ukumenyezela kwakho nxazonke. Kwakufana nenkazimulo kaSimakade. Kwathi lapho ngiyibona ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe, nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, namalahle avuthayo kuye.


Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavutha amalahle omlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite