Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 24:11 - IsiZulu 2020

11 UNkulunkulu akazenzakalisanga izikhulu zabantu bakwa-Israyeli, kodwa zambona, zadla, zaphuza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Akaselulelanga isandla sakhe ezikhulwini zabantwana bakwa-Israyeli; nabo babona uNkulunkulu, badla, baphuza.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 24:11
24 Referans Kwoze  

UJethro umukhwe kaMose, waletha umnikelo wokushiswa nemihlatshelo kuNkulunkulu; u-Aroni nawo wonke amalunga akwa-Israyeli beza bazokudla nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu.


USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.


Wanikela ngomhlatshelo elapho kwelezintaba, wamema nezihlobo zakhe ukuba zidle. Badla, base belala kulo elezintaba ngalobo busuku.


UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Akukho namunye ezikhulwini owayazi ukuthi bengiyephi nokuthi ngangenzani. Ngangingakabatsheli abaJuda, abaphristi, abaholi, izikhulu nabanye ababezokwenza umsebenzi.


Wathatha abakhuzi bempi bamakhulu, izikhulu, nababusi phakathi kwabantu, bonke abantu bezwe bayikhipha inkosi endlini kaSimakade, bangena ngesango elingenhla esigodlweni senkosi, base beyibeka esihlalweni sobukhosi sombuso.


UJezebheli wayeseloba izincwadi egameni lika-Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithumela kumalunga, ezikhulwini ezazisemzini, ababakhe noNabothi.


UManowa wathi kumkakhe: “Impela sizokufa ngokuba sibone uNkulunkulu.”


“Kwase kwehla insali yesikhulu, abantu bakaSimakade bahamba behla ukubhekana nonamandla.


Niyakudla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nithokoze ngakho konke enibeka isandla senu kukho, nina nabendlu yenu, uSimakade uNkulunkulu wakho anibusise ngakho.


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?


Ngumthombo owambiwa ngamakhosana, wambiwa ngabaholi ngezintonga zazo zobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kuSimakade, wena, no-Aroni, noNadabi, no-Abhihu, namalunga angama-70 akwa-Israyeli; nikhothame ningikhonze nisekude.


Ngeke ngimfihlele, njengalokhu u-Abhrahama ezokuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba zibusiseke ngaye,


Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho ngaphela amandla, nokuphefumula bekungasekho kimi.”


Ungizungeze ngemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite