Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 23:29 - IsiZulu 2020

29 Angiyukuzixosha phambi kwakho ngonyaka owodwa; uma ngingenza kanjalo, izwe liyosala dengwane, kuthi izilwane zasendle zibe ziningi kunawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Angiyikubaxosha phambi kwakho ngomnyaka owodwa, funa izwe libe yihlane, izilwane zasendle zikwandele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kangiyikubaxotsha phambi kwakho ngomnyaka owodwa; funa izwe libe yihlane, izilo zasendle zande phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 23:29
7 Referans Kwoze  

USimakade uNkulunkulu wakho uyozixosha lezi zizwe phambi kwakho kancane kancane; awuyukwazi ukuziqeda masinyane, funa izilwane zasendle zande zibe ziningi kunani.


Nokho-ke abakwazanga ukuwaxosha amaKhanani ayehlala eGezeri; ngakho-ke asahlala phakathi kwabakwa-Efrayimi kuze kube yinamuhla, kodwa bawenza izinceku zokubasebenzela.


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


Kunalokho, ngizozixosha phambi kwakho kancane kancane, uze wande ngokwanele ukuba ulidle izwe.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite