Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 23:27 - IsiZulu 2020

27 “Ngiyokwenza abantu abamelene nawe bangesabe; ngilethe ukudideka phakathi kwabantu olwa nabo, ngenze zonke izitha zakho zikubalekele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngiyakuthuma ingebhe yami phambi kwakho, ngibulale zonke izizwe oyakufika kuzo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 23:27
17 Referans Kwoze  

Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.


USimakade uNkulunkulu wakho uyakuzinikela kuwe, uyakuzifaka ingebhe, zidideke, zize zibhujiswe.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu uyakufaka uvalo nokwesaba ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokhu akhuluma kini.


Unikele ngezitha zami kimi, nabangizondayo ngabaqothula.


Bayibhubhisa yonke imizi ezungeze iGerari, ngokuba behlelwa wuvalo olwaluvela kuSimakade. AbakwaJuda baphanga yonke imizi ngokuba kwakunempango eningi kuyo.


INkosi yenza ukuba impi yabase-Aramu izwe umsindo wezinqola, umsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu baze bakhuluma bodwa, bathi: “Uyabona, inkosi yakwa-Israyeli iqashe amakhosi amaHithi namakhosi aseGibhithe ukuba eze kithi.”


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


uSimakade uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizinqobe izizwe ezinkulu nezinamandla kunani.


Ngizothuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, ama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.


ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka, bashaye bachithe.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


AbakwaMowabi babesaba kakhulu abakwa-Israyeli, ngokuba babebaningi. UMowabi wangqangqazela luvalo ngenxa yabakwa-Israyeli.


ukuthi uzozixosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokhu ekhulumile uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite