Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 23:26 - IsiZulu 2020

26 Ezweni lakini akekho owesifazane oyophuphunyelwa yisisu, noma oyoba yinyumba. Ngiyokupha impilo ende.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kakuyikulahli amazinyane azo, kumbe oyinyumba elizweni lakini; inani lezinsuku zakho ngiyakuligcwalisa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 23:26
16 Referans Kwoze  

Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, akuyukuba bikho phakathi kwenu owesilisa ongenanzalo nowesifazane oyinyumba, naphakathi kwemfuyo yenu.


Uyokufa usumdala impela, njengesixha samabele esibhulweni, ngesikhathi sawo.


“Siyakubusiswa isithelo sesibeletho sakho, nesomhlaba wakho, nesemfuyo yakho, kwande amankonyane ezinkomo zakho namazinyane ezimvu zakho.


Inkunzi yazo iyakhwela, kayiphuthi; inkomazi yazo iyazala, kayiphunzi.


“Kusukela lapho akusayukuba khona usana oluyophila izinsukwana, nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, uyothathwa njengobesemusha; nalowo ofa engayihlanganisanga iminyaka eyikhulu, kuyakuthiwa uqalekisiwe.


Kwangathi izinqolobane zethu zingaphuphuma isivuno esehlukahlukene, izimvu zethu zande ngezinkulungwane, izinkulungwane ezilishumi emadlelweni akithi.


Wababusisa, banda kakhulu, akaze ayinciphisa imfuyo yabo.


U-Isaka wafa, wangcwatshwa noyisemkhulu, esekhulile impela, amadodana akhe o-Esawu noJakobe bamngcwaba.


UDavide wayesemdala esenelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni, indodana yakhe, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.


UJobe wafa esemdala, esenelisekile yizinsuku zokuphila.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


“Simakade, banike. Ngabe uyakubanikani na? Isisu esiphuphumileyo namabele angenalubisi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite