Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 23:25 - IsiZulu 2020

25 Niyakumkhonza uSimakade uNkulunkulu wenu, Mina ngiyobusisa ukudla namanzi enu, ngisuse izifo phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa ukugula phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 23:25
26 Referans Kwoze  

USimakade uyakususa kuwe zonke izifo, akayukubeka kuwe izifo zaseGibhithe ezimbi ozaziyo, kodwa uyozehlisela phezu kwabo bonke abakuzondayo.


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Qaphelani ukuba nigcine imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose, inceku kaSimakade, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.”


Akukho sakhamuzi esiyothi: “Ngiyagula.” Abantu abahlala lapho bayothethelelwa iziphambeko zabo.


Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho,


Uyakukuthanda, akubusise, akwandise, abusise nesithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, okusanhlamvu kwakho, iwayini lakho, amafutha akho, inzalo yezinkomo zakho, nezimvu zakho zande ezweni afunga ngalo kokhokho bakho ukukunika lona.


“Manje-ke, Israyeli, uSimakade uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, na? Ukuba umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.


UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”


USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi nakuba nikwenzile konke lokho okubi, ningaphambuki ekumlandeleni uSimakade, kodwa mkhonzeni uSimakade ngayo yonke inhliziyo yenu.


Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


Abantu bathi kuJoshuwa: “Qha, siyokumkhonza uSimakade.”


“Niyolandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nimesabe, nigcine imiyalo yakhe, nilalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.


USamuweli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli: “Uma nibuyela kuSimakade ngenhliziyo yenu yonke, susani phakathi kwenu onkulunkulu babezizwe no-Ashitharothi, nibhekise izinhliziyo zenu kuSimakade, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”


Abantu bathi kuJoshuwa: “Siyomkhonza uSimakade uNkulunkulu wethu, silalele izwi lakhe.”


Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.


“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze,


Akayukuzikhumbula kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, ngokuba uNkulunkulu uhlala emgcwalise ngenjabulo enhliziyweni yakhe.


Ngasekupheleni kwezinsuku ezilishumi, ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite