Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 23:24 - IsiZulu 2020

24 Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ungakhothameli onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengemisebenzi yabo; kodwa kumelwe ubashaye ngesiqalekiso esichithayo futhi ubhidlize izithombe zabo ezibaziweyo ngokuphelele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 23:24
29 Referans Kwoze  

Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


Niyakudiliza ama-althare azo, niphihlize izinsika zazo, nishise ngomlilo o-Ashera bazo, ninqume izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo, nilishabalalise igama lazo kuleyo ndawo.


Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


UManase wamdukisa uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, benza okubi kunabezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Aniyukwenza njengokwemisebenzi yeGibhithe enanihlala kulo, futhi aniyukwenza njengokwemisebenzi yeKhanani enginiyisa kulo, aniyukuhamba ngemithetho yabo.


Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, waligaya lacoliseka laba luthuli, waluvuvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantu bakwa-Israyeli.


Awuhambanga njengezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kodwa ngesikhashana nje esincane, wena wonakala ukwedlula bona, ezindleleni zakho zonke.


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


“Kuqapheleni konke engikusho kini. Ningakhuleki emagameni abanye onkulunkulu; ningawaphathi ngisho nangemilomo yenu amagama abo.”


Ningenzi isivumelwano nazo, noma nonkulunkulu bazo.


Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”


“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, nokho akafananga noyise nonina, wayisusa insika kaBhali ayeyenzile uyise.


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera, wachitha inyoka yethusi eyayenziwe nguMose, ngokuba abakwa-Israyeli, kuze kube yileso sikhathi, babesashisa impepho kuyo; yayisibizwa ngokuthi nguNehushithani.


Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.


Abamemela emadilini emihlatshelo yonkulunkulu bawo. Abakwa-Israyeli bafike badla, bakhothamela onkulunkulu bawo.


Base behamba ngezimiso zabezizwe uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, nangezimiso zamakhosi akwa-Israyeli azimisayo.


Bashisa impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengalokhu kwakwenza abezizwe uSimakade ayebaxoshile phambi kwabo. Benza izinto ezimbi, baluchukuluza ulaka lukaSimakade.


U-Asa wenza okuhle nokulungileyo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


Kwathi u-Amaziya esebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi, waletha onkulunkulu babantu baseSeyiri, wabamisa baba ngonkulunkulu bakhe, wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.


Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite