Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 22:27 - IsiZulu 2020

27 ngokuba kungenzeka kube yiyona ngubo kuphela anayo ukuyembatha; uyokwembathani uma eselala na? Uma umakhelwane wakho ekhala kimi, ngiyokumlalela, ngokuba nginomusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa, iyisambatho somzimba wakhe; uyakulala ngani na? Kuzakuthi nxa ekhala kimi, ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba kuyisambatho sakhe kuphela, kuyingubo yakhe yesikhumba; uzolala ngani? uma ebiza Kimi, ngiyakuzwa; ngoba ngilesihawu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 22:27
14 Referans Kwoze  

USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka,


Uma nibuyela kuSimakade, abafowenu nabantwana benu bayofumana umusa kwababathumbayo babuyele kuleli lizwe, ngoba uSimakade uNkulunkulu wenu ulungile, unomusa; akayukunifulathela, uma nibuyela kuye.”


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.


Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.


Uma ubahlukumeza, bese bekhala kimi, ngiyokuzwa ukukhala kwabo,


Liyokuba yisibonakaliso nobufakazi kuSimakade Wamabandla eGibhithe. Bayokhala kuSimakade ngenxa yabacindezeli; abathumelele umkhululi, abavikele, abakhulule.


“Uma utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyukungena endlini yakhe ukuyothatha utho lube yisibambiso sakhe.


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.


“Bheka, ungakuwe uShimeyi, indodana kaGera wakwaBhenjamini waseBhahurimi, owangithuka ngendlela ebuhlungu mhla ngiya eMahanayimi. Kepha wehla wangihlangabeza ngaseJordani, ngase ngifunga kuye phamabi kukaSimakade, ngathi: ‘Angiyukukubulala ngenkemba.’


“Ngakho-ke ungamyeki engajezile, wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyokwazi okufanele ukwenze kuye ukuze uyehlisele impunga endaweni yabafileyo inegazi.”


Ungayiqalekisi inkosi ngisho emcabangweni wakho; kumbe uqalekise ocebileyo, ulele ekamelweni lakho; ngokuba inyoni yezulu ingase ikuthwale okushilo, noma yini enamaphiko ingayikhuluma indaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite