Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 22:23 - IsiZulu 2020

23 Uma ubahlukumeza, bese bekhala kimi, ngiyokuzwa ukukhala kwabo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Uma nibacindezela nganoma iyiphi indlela, bese bebiza kimi nganoma iyiphi indlela, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 22:23
19 Referans Kwoze  

UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


“Ngenxa yokwanda kokucindezelwa, abantu bayakhononda, bayakhala, banxusa ukusizwa esandleni esinamandla.


Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.


Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.


ngokuba kungenzeka kube yiyona ngubo kuphela anayo ukuyembatha; uyokwembathani uma eselala na? Uma umakhelwane wakho ekhala kimi, ngiyokumlalela, ngokuba nginomusa.


Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.


Siyizintandane, asinababa, omama bethu sebefana nabafelokazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite