Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 22:21 - IsiZulu 2020

21 “Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Aniyikumthukuthelisa umfokazi, ningamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 22:21
22 Referans Kwoze  

Bathandeni abafokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.


Awuyukumcindezela umfokazi, uyayazi inhliziyo yomfokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.”


“ ‘Uma umfokazi egogobele ezweni lakini, aniyukumcindezela.


Ningacindezeli abafelokazi, izintandane, abafokazi, nabampofu. Kungabi bikho odlinzela omunye okubi enhliziyweni yakhe.’


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese encika kuwe, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobele kwakho.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.


“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Ngabayala abehluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okwenzeka phakathi kwabafowenu, bese nehlulela ngokulunga phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okhosele kuye.


Siyeke sihlale ngaphakathi kwakho endaweni esiyoyikhetha phakathi kweminye imizi yakho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli.


“ ‘Makaqalekiswe ohlanekezela isehlulelo kongumfokazi, intandane, nongumfelokazi.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.


“Awuyukuhlanekezela ubulungiswa lapho ubhekene nomfokazi noma intandane, futhi ungayithathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,


Nenza unkatho ngentandane, nithengisa ngomngani wenu.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite