Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 22:1 - IsiZulu 2020

1 “Uma umuntu entshontsha inkabi noma imvu, bese eyihlaba noma ayithengise, uyokhokhiswa izinkabi ezinhlanu ngenkabi, nezimvu ezine ngemvu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo; uyakubuyisela izinkomo ezinhlanu ngenkomo, nezimvu ezine ngemvu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 22:1
9 Referans Kwoze  

Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”


Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.”


Uma ebhadanyiwe, bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa, akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe.


Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile.


Lapho kungenazinkomo khona umkhombe awunalutho, kepha isivuno esikhulu siba khona ngenxa yamandla ezinkabi.


Kepha uma kwaziwa ukuthi le nkabi inomkhuba wokuhlasela, nomniniyo engayivaleli, kufanele akhokhele umnini wenkabi efileyo ngenkabi ephilayo; yena agcine leyo efileyo kube ngeyakhe.


yena lowo omubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angakwenzi okubi, impela uyakuphila, angafi.


Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite