Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 21:8 - IsiZulu 2020

8 Uma singamthokozisi umniniso, owasikhetha ukuba sibe ngesakhe, uyakuvuma ukuba sihlengwe; akayukuba nalungelo lokuba asidayisele abantu bezizwe, lokhu engasiphathanga kahle yena.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma ingathokozisi inkosi yaso, eyakugana yona, iyakumvumela ukuba ahlengwe; ukuyithengisa esizweni sabezizwe, ayiyikuba namandla, ngokuba iyenze ngobuqili kuyo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 21:8
13 Referans Kwoze  

Abazali bakhe bathi kuye: “Akukho ntombi yini phakathi kwezihlobo zakho noma phakathi kwabantu bakithi bonke, ukuba usungahamba uyothatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” Kodwa uSamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngoba ngiyamthanda.”


uma ngithi nenze okuhle ngokuhlonipha uJerubhali nabendlu yakhe namhlanje, ngakho-ke jabulani ngo-Abhimelekhi, naye ajabule ngani,


Ngumuphi umuntu onengoduso angakayithathi, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, bese ithathwa ngomunye umuntu.’


UMose wathi: “Uma ngisuka lapha kuwe, ngizokhuleka kuSimakade ukuba kusasa azisuse izinkumbi zezibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe. Kodwa-ke uFaro makangaphinde akhohlise ngokuthi uzakubavumela abantu bahambe ukuyokwenzela uSimakade umhlatshelo.”


Kuthe lapho sekumkhanyela u-Esawu ukuthi abesifazane baseKhanani abamgculisi uyise u-Isaka,


Abafowethu bambuluzile njengomfudlana, nanjengemithonjana eshayo,


USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.”


Kodwa lokho kwaba kubi emehlweni kaSamuweli, lapho ethi: “Sinike inkosi ukuba isehlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuSimakade.


“Uma indoda ithengisa ngendodakazi yayo ukuba ibe yisigqila, ayinakukhululwa njengoba kukhululwa izigqila zesilisa.


Uma ithenga isigqila sesifazane ukuze isinikele endodaneni yaso ngokwesiko iyosiphatha njengendodakazi yayo.


Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo, ngokuba abethembekanga, kusho iNkosi uSimakade.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite