Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 21:6 - IsiZulu 2020

6 umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inkosi yaso iyakusiletha kubahluleli; amlethe ngasemnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso iyakuyibhoboza indlebe yaso ngosungulo; futhi uyomkhonza kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 21:6
24 Referans Kwoze  

uyothatha usungulo umbhoboze indlebe esesemnyango; abe yinceku yakho kuze kube phakade. Uyokwenza kanjalo nasencekukazini yakho.


Kepha uyokuba njengesisebenzi nogogobele kwakho; uyokusebenzela kuze kufike unyaka wejubhili,


UDavide wathi ku-Akhishi: “Kunjalo, yikhona uyokwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.” U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngakho-ke ngizokubeka ube ngumqaphi njalo.”


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


Zakhuluma kuye, zathi: “Uma namuhla uzokuba yinceku yalaba bantu, ubakhonze, ukhulume amazwi amahle lapho ubaphendula, bayokuba yizinceku zakho, zonke izinsuku zabo.”


U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.”


Kodwa uHana akenyukanga, wathi kumyeni wakhe: “Angiyukwenyuka aze alunyulwe umntwana; khona ngizakumyisa ukuba abonakale phambi kukaSimakade, ahlale lapho njalo.”


“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.


Ngabayala abehluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okwenzeka phakathi kwabafowenu, bese nehlulela ngokulunga phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okhosele kuye.


“ ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami.


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


“Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelwe, aphuphunyelwe yisisu, kodwa yena angalimali ndawo, lowo muntu uyohlawuliswa njengoba indoda yalowo wesifazane inqumile ukuba ahlawule, ngokwesinqumo sabehluleli.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


Ngizobabuyisela abehluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni. Emveni kwalokho uyobizwa ngomuzi wobuqotho, umuzi othembekileyo.


Kepha uma isigqila sisho ngokucacile sithi: ‘Ngiyamthanda umnumzane wami, nomkami nabantwana bami, ngakho-ke anginakuhamba njengokhululekileyo,’


“Uma indoda ithengisa ngendodakazi yayo ukuba ibe yisigqila, ayinakukhululwa njengoba kukhululwa izigqila zesilisa.


“Kuyothi uma ethi kuwe: ‘Angizukusuka kuwe,’ ngoba ekuthanda wena nendlu yakho, futhi ehlale kahle nawe,


UNkulunkulu umi emhlanganweni wonkulunkulu; uyehlulela phakathi konkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite