Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 21:2 - IsiZulu 2020

2 uma uthenga isigqila somHebheru, masikusebenzele iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa siyakuhamba singesikhululekileyo, singakhokhi lutho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; kanti kowesikhombisa kumelwe ahambe ngokukhululeka mahhala.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 21:2
18 Referans Kwoze  

“Ungakuthathi sengathi kungukucindezelwa nxa usumdedela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonze iminyaka eyisithupha, umnika imali yomqashwa. USimakade uNkulunkulu wakho uyokubusisa kukho konke okwenzayo.”


kodwa noma yisiphi isigqila esithengwe ngesiliva singalidla emva kokuba sisokiwe;


Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.


UMose wawayala wathi: “Ekupheleni konyaka wesikhombisa, njalo ngesikhathi esinqunyiweyo sonyaka woyekelelo ngomkhosi wamadokodo,


“Ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa niyokwenza uyekelelo.


Uma libanjwe emini kwabha, kuyoba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyokhokha ngokuphindiwe; uma lingenalutho lokukhokha, kuyothengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.


Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu.


Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.


Owesifazane othile owayegane omunye wamadodana abaphrofethi, waya ku-Elisha wakhala, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile, uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uSimakade. Kufike umtshelekisi, ufuna ukuzithathela abafana bami ababili ukuze babe yizigqila.”


U-Esawu wathi: “Akubanga yiphutha ukuba aqanjwe ngokuthi nguJakobe, ngokuba sekuze kwaba kabili engiqola. Wangephuca ilungelo lami lobuzibulo. Bheka manje usengithathele nesibusiso sami.” Wayesethi kuyise: “Akusekho ngisho nesisodwa nje isibusiso ongibekele sona na?”


Sengathi uNkulunkulu angakwehlisela amazolo ezulu avundise amasimu akho. Makakuphe inala yamabele neyewayini.


Uma sifike sisodwa, siyakuphuma sisodwa, uma sifike sesiganiwe siyakuhamba nomkaso.


“Uma indoda ithengisa ngendodakazi yayo ukuba ibe yisigqila, ayinakukhululwa njengoba kukhululwa izigqila zesilisa.


“ ‘Uma engahlengwanga ngalezi zindlela, ngonyaka wejubhili uyokhululeka nabantwana bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite