Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 20:9 - IsiZulu 2020

9 Uyosebenza ngezinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 20:9
10 Referans Kwoze  

Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.”


“Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa. Uyophumula ngisho nangesikhathi sokulima nesokuvuna.


“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.


“ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.


niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa.


Nizokubutha izinsuku eziyisithupha, kodwa kuthi ngolwesikhombisa oluyisabatha kungabi bikho.”


Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa.


Aniyukuwubasa umlilo emakhaya enu ngosuku lwesabatha.”


Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho,


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha nangosuku lokwethwasa kwenyanga, liyakuvulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite