Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 20:18 - IsiZulu 2020

18 Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani, nezwi lecilongo, nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bonke abantu babona ukuduma, nemibani, nomsindo wecilongo, nentaba ethunqayo; abantu sebekubona bahlehla bamela khatshana.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 20:18
13 Referans Kwoze  

“NginguNkulunkulu oseduze yini, angisiye uNkulunkulu okude na?” kusho uSimakade.


Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:


Pho siyakufelani na? Leli kloba liyakusiqeda. Uma sibuye salizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu, siyokufa,


njengakho konke owakucela kuSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe ngosuku lomhlangano, wathi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, nalo mlilo omkhulu kangaka mangingabe ngisawubona, funa ngife.’


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela


Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama.


“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zezizwana zenu namalunga enu,


Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite