Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -






UEksodusi 20:15
25 Referans Kwoze  

Lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ngabe ukhona omunye umyalo, kodwa kufingqwe kuleli lizwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.


“ ‘Aniyukweba, aniyukuphathana ngobuqili, aniyukuqambelana amanga.


“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.


Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;


amasela, abanomona, izidakwa, abathuka inhlamba nabaphangi; abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.


Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso.


Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuSimakade, kepha isisindo esiyiso siyintokozo kuye.


“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.


Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.”


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”


“Noma ngubani othumba omunye, athengise ngaye noma atholakale kuye, kufanele abulawe.


Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite