Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 20:12 - IsiZulu 2020

12 Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 20:12
42 Referans Kwoze  

Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ngokuba uMose wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Noma ngubani othuka uyise noma unina, makafe nokufa.’


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


“ ‘Yilowo nalowo uyohlonipha uyise nonina, agcine amasabatha ami; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Uyayazi imiyalelo ethi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, hlonipha uyihlo nonyoko.’ ”


hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyocima phakathi kwesigayegaye.


“Noma ngubani oqalekisa uyise noma unina kufanele abulawe.


Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.”


“Oshaya uyise noma unina kufanele abulawe.


Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”


Impilo ende isesandleni sakho sokunene, kwesokhohlo sakho kukhona ingcebo nodumo.


U-Elisha wakubona lokho, wamemeza, wathi: “Baba, baba, inqola yempi ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabange esambona futhi; wabamba izingubo zakhe waziklebhula kabili.


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Uyokuba nesikali sesisindo esiyisona nesifaneleyo, futhi ube nesilinganiso seqiniso nesifaneleyo, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


“Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo. Uma nginguyihlo, pho kuphi ukuhlonishwa kwami? Uma ngiyinkosi, pho kuphi ukwesatshwa kwami?” kinina baphristi enidelela igama lami, kubuza uSimakade Wamabandla. Kodwa nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


“Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina.


Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngani wombhubhisi.


Isiwula siyakwedelela ukuyala kukayise, kepha onaka ukusolwa uhlakaniphile.


UBhathi Sheba waya enkosini uSolomoni ukuze akhulumele u-Adoniya. Inkosi yasukuma yamhlangabeza, yamkhothamela, yase ihlala esihlalweni sayo, yase ibekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.


“ ‘Uyosukuma nxa kumi impunga phambi kwakho, uyomhlonipha umuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu.


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


“Ngalokho-ke niyoyigcina yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla ukuze nibe namandla, ningene, nilidle izwe eniwelela kulo ukuba nilidle,


nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uSimakade afunga ngalo kokhokho benu ukubanika lona nezizukulwane zabo, izwe elichichima ubisi noju.


“Uma umuntu enendodana enenkani, ehluphayo, engalilaleli izwi likayise noma elikanina, engalaleli noma beyiyala,


“ ‘Makaqalekiswe owedelela uyise nonina.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Abazukulu bangumqhele wabadala, abazali bayigugu kubantwana.


Ningakhi zindlu, ningahlwanyeli mbewu, ningatshali sivini, futhi ningabi naso, ngokuba niyakuhlala emathendeni zonke izinsuku zokuphila kwenu ukuze niphile isikhathi eside ezweni lapho nigogobele khona.’


UJeremiya wayesethi kwabendlu yamaRekhabhi: “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenxa yokuba nawulalela umyalo kaJonadaba, ukhokho wenu, nayigcina yonke imiyalo yakhe, nenza konke ayeniyale ngakho,’


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


UJosefa wawasusa ethangeni likayise, wakhothamela emhlabathini wathi mbo ngobuso.


Amadodana ka-Israyeli enza konke ayeyalwe ngakho nguyise.


Wayesehla waya esibuyeni, wafike wenza njengalokhu uninazala emyalile.


UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite