Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:6 - IsiZulu 2020

6 Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Eseyivula, wabona umntwana, bheka, umntwana wayekhala. Wamhawukela kakhulu, wathi: “Lo ungomunye wabantwana bamaHeberu.”

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:6
10 Referans Kwoze  

Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Eselahliwe, watholwa yindodakazi kaFaro, yazikhulisela yena, waba yindodana yayo.


uthethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abaphambuke kuwe ngazo, ubenzele ukuba bathole isihe phambi kwababathumbileyo, babaphathe ngesihe,


Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele.


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.


Udadewabo wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyokulandela umzanyana kwabesifazane bamaHebheru ukuba akuncelisele yona na?”


Isimemezelo sokuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, nesigqilakazi sakhe, umHebheru nomHebherukazi, ukuze kungabi bikho muntu ogqilaza umfowabo kwaJuda.


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite