Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:25 - IsiZulu 2020

25 UNkulunkulu wababheka abantu bakwa-Israyeli, futhi wabanakekela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UNkulunkulu wababheka abantwana bakwa-Israyeli, futhi uNkulunkulu wababona.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:25
16 Referans Kwoze  

Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


“INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.”


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”


Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Kwaba khona inkosi entsha eGibhithe eyayingamazi uJosefa.


Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’


Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.


UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uSimakade ayekwenze kuFaro nakwabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nobunzima bonke ababehlangabezane nabo endleleni, nokuthi uSimakade wabakhulula kanjani.


Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite