Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:15 - IsiZulu 2020

15 Lapho uFaro esezwile ngalokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka phambi kukaFaro, wayohlala kwaMidiyani, wahlala phansi eduze komthombo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UFaro esekuzwile lokho wazama ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, waya wahlala ezweni lakwaMidiyani, wahlala phansi ngasemthonjeni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:15
17 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


“UMose ezwa lokho, wabaleka, wayokuba ngumfokazi kwaMidiyani, lapho afika wazala khona amadodana amabili.


Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.


Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu.


Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.


Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


USimakade wathi kuMose ekwaMidiyani: “Hamba ubuyele eGibhithe, ngokuba sebafa bonke abebefuna ukukubulala.”


Amadodana kaMidiyani: kwakungu-Efa, u-Eferi, uHanokhi, u-Abhida, no-Elda. Bonke laba babeyizizukulwane zikaKethura.


Yamzalela uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, u-Ishibhaki, noShuwa.


igama lenye kungu-Eliyezeri, ngokuba ethi: “UNkulunkulu kababa ulusizo lwami, ungikhululile enkembeni kaFaro.”


Basuka kwaMidiyani, baya ePharanu; bathatha amadoda ePharanu baya nawo eGibhithe kuFaro, inkosi yakhona. UFaro wamnika indlu, nesabelo sokudla nezwe.


Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi, amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite