25 UMose wehla wakhuluma nabantu.
25 UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.
25 UMose wehlela kubantu, wakhuluma kubo;
USimakade wathi kuye: “Yehla, uhambe ubuye no-Aroni nize lapha, kodwa abaphristi nabantu mabangafohli bakhuphukele kuSimakade funa ababhubhise.”
UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi:
Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi: