Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 19:17 - IsiZulu 2020

17 UMose wabahola abantu enkanjini ukuba bayohlangana noNkulunkulu, bama ekuqaleni kwentaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UMose wayesebakhipha abantu ekamu* ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UMose wabakhipha abantu ekamu ukuyohlangabeza uNkulunkulu; bema phansi kwentaba.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 19:17
8 Referans Kwoze  

lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’


Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:


“Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.


Mabangathintwa ngesandla, kodwa mabakhandwe ngamatshe, noma bacitshwe ngemicibisholo, noma ngabe yisilwane, noma ngumuntu akuyukuphila.’ Lapho icilongo likhala isikhathi eside, bayokhuphukela entabeni.”


Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.


“Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite