Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:7 - IsiZulu 2020

7 UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga; babuzana ukuphila kwabo; bangena etendeni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:7
23 Referans Kwoze  

Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto.


UBhathi Sheba waya enkosini uSolomoni ukuze akhulumele u-Adoniya. Inkosi yasukuma yamhlangabeza, yamkhothamela, yase ihlala esihlalweni sayo, yase ibekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.


U-Uriya wafika kuye, uDavide wayesebuza ukuthi unjani uJowabe, nokuthi impi ihamba kanjani.


Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini.


Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.


U-Abhrama esebuya ekunqobeni uKhedoloma namakhosi ayemelekelela, inkosi yaseSodoma yakhuphuka yamhlangabeza esigodini iShave, okungukuthi yisigodi seNkosi.


Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Awunganganga, kepha lo wesifazane, yilokhu ngingenile, akazange ayeke ukwanga izinyawo zami.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda.


uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.


Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.


Awunginikanga ngani ithuba lokwanga abazukulu bami namadodakazi ami, ngibavalelise na? Okwenzileyo kungubuphukuphuku.


Kwathi lapho uJosefa efika ekhaya, amadoda ethula isipho ayefike naso, aguqa ayesethi mbo ngobuso emhlabathini.


USimakade wathi ku-Aroni: “Hamba uye ehlane uyohlangabeza uMose.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.


Wathi kuMose: “Mina Jethro, umukhwe wakho, ngiyeza kuwe, nomkakho, namadodana akho omabili.”


UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu.


Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”


UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite