Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:5 - IsiZulu 2020

5 UJethro, umukhwe kaMose, wafika ehlane lapho uMose ayekanise khona entabeni kaNkulunkulu, nomkaMose namadodana akhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJetiro, umukhwe kaMose, weza namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho ayemise khona entabeni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:5
10 Referans Kwoze  

UMose wayelusa umhlambi womukhwe wakhe uJethro, umphristi wakwaMidiyani. Wawuqhuba wedlula ehlane, waze wayofika eHorebhe entabeni kaNkulunkulu.


Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Wavuka, wadla waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, waya entabeni kaNkulunkulu, iHorebhe.


USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


USimakade wathi ku-Aroni: “Hamba uye ehlane uyohlangabeza uMose.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.


Wathi kuMose: “Mina Jethro, umukhwe wakho, ngiyeza kuwe, nomkakho, namadodana akho omabili.”


Basuka eRefidimi bafinyelela ehlane iSinayi, bakanisa ehlane; abakwa-Israyeli bakanisa lapho-ke, phambi kwentaba.


UMose nenceku yakhe uJoshuwa bavuka, uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite