Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:26 - IsiZulu 2020

26 Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Basebeqondisa abantu ngazo zonke izikhathi; izindaba ezinzima baziletha kuMose, kepha zonke izindaba ezincane bazihlulela bona.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:26
8 Referans Kwoze  

Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe.


Ngaba nguyise wabantulayo, ngaluphenyisisa udaba lwalowo engingamaziyo.


Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni.


“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.


Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’


Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite