Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:25 - IsiZulu 2020

25 UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:25
9 Referans Kwoze  

“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya.


iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”


UMose wamlalela umukhwe wakhe, wakwenza konke ayekushilo.


Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.


Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngiqoqele amadoda angama-70 kumalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga nezinduna zabantu. Uwalethe ethendeni lokuhlangana, ayoma lapho kanye nawe.


UDavide wababala abantu ababenaye, wayesebabekela izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite