Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:24 - IsiZulu 2020

24 UMose wamlalela umukhwe wakhe, wakwenza konke ayekushilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UMose walilalela izwi likayisezala, wenza konke ayekushilo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:24
10 Referans Kwoze  

Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”


ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele, izisho zabahlakaniphe kakhulu neziphicaphicwano zabo,


U-Ezra wasukuma, wafungisa abaholi babaphristi, abaLevi no-Israyeli wonkana ukuthi bayokwenza njengoba eshilo. Bafunga-ke.


UShekhaniya, indodana kaJehiyeli, wozalo luka-Elamu, wathi ku-Ezra: “Asethembekanga kuNkulunkulu ngokuthi siganwe ngabesifazane bezizwe, kodwa noma kunjalo u-Israyeli usenalo ithemba.


Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu;


Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.”


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


“Nganitshela ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Anginakunithwala ngedwa.


Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite