Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:22 - IsiZulu 2020

22 Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Mabahlulele abantu ngaso sonke isikhathi; zonke izindaba ezinkulu ziyakuziletha kuwe, kepha zonke ezincane ziyakwahlulela; ngakho-ke kuyoba lula kuwe, futhi bayothwala umthwalo kanye nawe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:22
12 Referans Kwoze  

Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.


Izinhloko zezindlu zoyise bemindeni yozalo lukaGileyadi kaMakhiri kaManase, nabozalo lukaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwabaholi, abayizinhloko zezindlu zoyise bakwa-Israyeli,


Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi:


Labo abamfumana etheza izinkuni, bamletha kuMose no-Aroni nakuyo yonke inhlangano.


Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.


Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo.


Yingakho nithela intela, ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikukhuthalele lokho.


Uzozikhandla uzikhathaze wena nalaba bantu onabo, ngokuba lo msebenzi mkhulu kakhulu kunawe, awunakukwazi ukuwenza uwedwa.


Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.”


“Wena-ke Ezra, makuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu akuphe khona, uqoke abehluleli nezimantshi abayokwehlulela bonke abantu bakini abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe; makube ngabantu abawaziyo umthetho kaNkulunkulu wenu, abangawaziyo kufanele bawufundiswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite