Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:11 - IsiZulu 2020

11 Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:11
30 Referans Kwoze  

Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


“Indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu, ngokuba mkhulu uNkulunkulu wethu phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.


Impela ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu, nokuthi iNkosi yethu ingaphezu konkulunkulu bonke.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Ngokuba mkhulu uSimakade, ufanele ukudunyiswa kakhulu; uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.


Wayesebuyela kumuntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Uyabona-ke, sengiyazi ukuthi akekho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kodwa kwa-Israyeli kuphela, ngakho-ke ake wamukele isipho encekwini yakho.”


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo.


Wabexwayisa ukuba babuyele emthethweni wakho, kodwa baba nenkani, abaze bayilalela imiyalelo yakho nezehlulelo zakho. Bona bephula izimiso zakho, okuthi uma umuntu ezigcina aphile. Bakufulathela, baqinisa amakhanda, benqaba ukukulalela.


“Kepha bona nokhokho bethu benza ububi, baziphakamisa, baba nenkani, bayephula imiyalelo yakho.


Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaSimakade elisemlonyeni wakho, liyiqiniso.”


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


AbaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade lapho sengizitholele udumo ngoFaro, nezinqola zakhe zempi, nangabagibele amahhashi.”


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


“Ningabe nisabanika abantu utshani bokwenza izitini, njengoba benenza kuqala; mabahambe bazilandele utshani ngokwabo.


Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


“Lapho nibelethisa abesifazane bamaHebheru sebesesigqikini sokubeletha, nibona ukuthi ngumfana, niyakumbulala, kodwa uma kuyintombazane niyiyeke iphile.”


Masibaphathe ngesihluku, ngaphandle kwalokho bazokwanda kakhulu, bese kuthi uma kusuka impi bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, qede bahambe kuleli lizwe.”


AbaseGibhithe babesangcwaba amazibulo abo ayebulawe nguSimakade. USimakade wayebehlulela nonkulunkulu babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite