Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 17:6 - IsiZulu 2020

6 Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze.” Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 17:6
24 Referans Kwoze  

baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.


Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.


Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”


Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Noma ashaya idwala kwaphuma amanzi, kwampompoza imifula; angabapha yini isinkwa noma abahlinzeke ngenyama abantu bakhe na?”


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


Kabazange bome lapho ebahola ezindaweni ezigagadekile; wenza ukuba amanzi agobhozele edwaleni; waqhekeza idwala, amanzi ampompoza.


Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.


Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo.


“Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”


Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.


NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.


Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla ababekufisa.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite