Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:7 - IsiZulu 2020

7 Ekuseni nizobona inkazimulo kaSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu ngaye. Ngokuba besingobani thina ukuba ningakhononda ngathi na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova; ngoba uyezwa ukukhonona kwenu ngoJehova. Thina siyini ukuthi nikhonone ngathi?

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:7
17 Referans Kwoze  

Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”


Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”


UJesu wathi kuye: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na?”


UJesu ekuzwa lokho, wathi: “Lokhu kugula akukhona okokufa, kodwa ukuze kudunyiswe uNkulunkulu, neNdodana kaNkulunkulu idunyiswe ngakho.”


Luzokhahlela kakhulu luthokoze, lujabule, lugide. Inkazimulo yeLebhanoni izobuyiselwa kulo nobukhosi beKharimeli nobeSharoni. Bayakubona inkazimulo kaSimakade, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.


Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.


Kwathi inhlangano isibavukela oMose no-Aroni, babheka ngasethendeni lokuhlangana. Bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaSimakade yabonakala kulo.


Yonke inhlangano yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kubo bonke abantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana.


“Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami.


Inkazimulo kaSimakade yahlala entabeni iSinayi, ifu layisibekela intaba izinsuku eziyisithupha; kwathi ngosuku lwesikhombisa uSimakade esefini, wambiza uMose.


bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakukhona okwakufana nendawo egandaywe ngamatshe esafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.


UMose wayesethi: “Nakhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze, ukuze ibonakale kini inkazimulo yakhe.”


“Ngikuzwile ukukhononda kwabantu bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nizitike ngesinkwa; niyokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”


Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite