Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:35 - IsiZulu 2020

35 Abantu bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engama-40, baze bafinyelela ezweni okwakhiwe kulo; bayidla imana baze bafika emngceleni weKhanani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana, baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:35
16 Referans Kwoze  

Yanqamuka imana ngosuku abaqala ngalo ukudla umkhiqizo weKhanani, abantu bakwa-Israyeli ababange besaba nayo imana, badla izithelo zeKhanani ngalowo nyaka.


Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’


Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


U-Aroni, umphristi, wakhuphukela entabeni iHori ngokwesiyalezo sikaSimakade. Wafike wafela khona ngonyaka wama-40, emveni kokuphuma kwabakwa-Israyeli eGibhithe, ngenyanga yesihlanu ngosuku lokuqala lwayo.


Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.


Bonke badla ukudla okufanayo komoya,


Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engama-40, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenze okubi emehlweni kaSimakade.


“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.


Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40.


Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite