Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:28 - IsiZulu 2020

28 USimakade wathi kuMose: “Kuyoze kube nini nenqaba ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UJehova wathi kuMose: “Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lisala ukugcina imilayo yami lemithetho yami?

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:28
19 Referans Kwoze  

Kabasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba ngomthetho wakhe.


Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo.


USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


ngokuba bazilahla izehlulelo zami, abahambanga ngezimiso zami, bawangcolisa amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo.


Lihlubukile ezehlulelweni zami nasezimisweni zami, lakhohlakala ukwedlula izizwe namazwe alizungezileyo, ngokuba balahlile izimiso zami, abaze bahamba ngazo.’


Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Wayesethi: “Ake ulalele wena ndlu kaDavide! Kawukhathali yini ukuhlupha abantu, sewufuna ukukhathaza ngisho uNkulunkulu wami na?


Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’ ”


ngoba abakholwanga nguNkulunkulu, abaze bethembela ensindisweni yakhe.


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Njengalokhu ningakholwanga yimi, futhi ningangingcwelisanga phambi kwamehlo abantu bakwa-Israyeli, ngalokho aniyukulingenisa leli bandla ezweni engilinike lona.”


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


Ngosuku lwesikhombisa abanye abantu baphuma ukuyokubutha, kodwa abafumananga lutho.


Bhekani, uSimakade uninike isabatha, ngakho-ke ngosuku lwesithupha uyaninika ukudla okwanele izinsuku ezimbili, hlalani yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi noyedwa endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite