Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:23 - IsiZulu 2020

23 wathi kubo: “USimakade ukhulumile wathi: ‘Kusasa lusuku lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade, bhakani enifuna ukukubhaka, nibilise enifuna ukukubilisa, okuseleyo kubekeni kuze kube sekuseni.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wathi kuzo: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wathi kubo: “Isho kanje iNkosi, ithi: Kusasa kuyisabatha elingcwele likaJehova; bhaka lokho ozokupheka namuhla, futhi upheke lokho ozokupheka; futhi okuseleyo, zibekeleni nina, nikugcine kuze kube kusasa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:23
16 Referans Kwoze  

“ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.


Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa.


Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.


“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


Abantu babephuma bayiqoqe, bayigaye ematsheni, noma bayigqule ezigqulweni, bayipheke emakhanzini, benze nangayo amaqebelengwane. Yayinambitheka okweqebelengwane elinamafutha.


UMose wathi kubo: “Makungabi bikho okushiyayo kuze kube sekuseni.”


“ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile.


“Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle.


Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.


futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, futhi ningenzi msebenzi, kodwa lungcweliseni usuku lwesabatha, njengalokhu ngabayala okhokho benu,


Imana yayifana nembewu yekhoriyanderi, isanhlamvana, ibukeka iphuzi, injengenhlaka yebheduliyamu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite