Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:15 - IsiZulu 2020

15 Lapho abantu bakwa-Israyeli belubona, bakhuluma omunye komunye, bathi: “Kuyini lokhu na?” Ngokuba babengazi ukuthi kwakuyini lokho. UMose wathi kubo: “Yisinkwa uNkulunkulu aninike sona ukuba nisidle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi abantwana bakoIsrayeli bekubona bathi omunye komunye: Leli yimana, ngoba babengazi ukuthi liyini. Wayesethi uMose kubo: “Lesi yisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:15
19 Referans Kwoze  

USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha.


Lesi yisinkwa esehla ezulwini, asinjengaso esadliwa ngokhokho benu, bafa. Odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.”


Indlu yakwa-Israyeli yakubiza lokho ngokuthi yimana, kwakufana nezinhlamvu zekhoriyenda, kumhlophe, kunambitheka njengekhekhebana elinoju.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Bonke badla ukudla okufanayo komoya,


Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.


Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


Yanqamuka imana ngosuku abaqala ngalo ukudla umkhiqizo weKhanani, abantu bakwa-Israyeli ababange besaba nayo imana, badla izithelo zeKhanani ngalowo nyaka.


Okhokho benu badla imana ehlane, bafa.


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha, ufake kuso i-omeri lemana ligcwale, ulibeke phambi kukaSimakade ukuze ligcinelwe izizukulwane zenu.”


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano.


Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe baleli lizwe; kodwa uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokhu.


“Wozani nidle isinkwa sami, niphuze iwayini engilivubeleyo.


wanisela phezu kwabo imana ukuze badle, wabapha ukudla kwasezulwini.


Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite