Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:8 - IsiZulu 2020

8 Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokufutha kwamakhala akho amanzi anqwabeleka; izifufula zema njengenqwaba, amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuphephetha kwamakhala akho amanzi abuthana ndawonye, imifula yema yaqondana njengenqwaba, notwa lwaqina enhliziyweni yolwandle.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:8
13 Referans Kwoze  

Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.


Wehlukanisa ulwandle, wabadabulisa kulo, amanzi wawamisa anjengodonga.


Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.


Izintaba zikubona qede ziyobayobe; isikhukhula siyadlula; izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo, ziphakamisele phezulu izandla zazo.


Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


Kwembulwa izisekelo zolwandle, nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa ngenxa yokuthetha kukaSimakade, nokufutha kwamakhala akhe.


Ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.” ’ ”


Kepha abakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo bedabula ulwandle, amanzi aba wudonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo.


Kuyothi lapho amathe ezinyawo zabaphristi abathwele umphongolo kaSimakade, iNkosi yomhlaba wonke, ethinta amanzi eJordani, amanzi eJordani ageleza evela enhla ayokuma, ayokuma abe yintaba.”


Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni.


Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, amanzi amaningi agubhayo.


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite