Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:25 - IsiZulu 2020

25 Wakhala kuSimakade, uSimakade wamkhombisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi ayeseba mnandi. USimakade wabamisela khona lapho umthetho nesimiso, wayesebavivinya belapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Wayibiza iNkosi; uJehova wambonisa umuthi awuphonsa emanzini; wabamisela khona isimiso nesimiso, wabavivinya khona.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:25
26 Referans Kwoze  

Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.


Nazi izizwe uSimakade azishiya ukuze avivinye ngazo bonke abakwa-Israyeli ababengenalwazi ngempi eKhanani,


Zazishiyelwe ukuvivinywa ngabakwa-Israyeli, ukuze kwazeke ukuthi bayoyilalela yini imiyalelo kaSimakade abayala ngayo okhokho babo ngoMose.


ukuze uSimakade amvivinye u-Israyeli, abone ukuthi uyakuqikelela yini noma qha ukuhamba ngezindlela zakhe njengoba benza okhokho babo.”


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha.


Waphuma waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Ngiwelaphile lawa manzi, akuseyukuba bikho kufa kuwo, nakuphunza, nakuphuphuma kwezisu.’ ”


Ngokuba izwi lesiphambano lingubuwula kwababhubhayo, kodwa kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Kepha wathi: “Lethani impuphu.” Wayithela ebhodweni, wathi: “Phakela abantu ukuba badle.” Kwakungasekho okubi ebhodweni.


Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela


aniyukuwalalela amazwi alowo mphrofethi, noma lowo ophupha amaphupho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uyakunilinga ukuba azi ukuthi niyamthanda yini uSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, na?


UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Ngiyakwenzani ngalaba bantu na? Sekusele kancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; uNkulunkulu uze ukuba anivivinye nokuba anifake uvalo ukuze ningoni.”


Umuntu kaNkulunkulu wathi: “Iwele kuphi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa lapho, insimbi yantanta.


Kuthe sengibuyile, ngabona izihlahla eziningi kakhulu osebeni lomfula, ziwuphahlile.


Wayesethi kimi: “Lawa manzi agelezela esifundeni empumalanga, ehlele e-Araba, aye olwandle, angene khona; lawa manzi aphophozayo aya olwandle, ukuze amanzi alo abe masha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite