Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:24 - IsiZulu 2020

24 Abantu bakhononda ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:24
19 Referans Kwoze  

Lonke ibandla lakwa-Israyeli lakhononda ngoMose no-Aroni ehlane.


Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na?


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana,


Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.


“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.”


Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.”


Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”


Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”


bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,


Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite