Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:21 - IsiZulu 2020

21 UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UMiriyamu wawaphendula wathi: Hlabelelani inkazimulo yeNkosi, ngoba iphakeme kakhulu; ihhashi nomgibeli walo wakuphonsa olwandle.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:21
17 Referans Kwoze  

UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.


Abesifazane bahlabelela bedlalisela, bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi.”


“Lalelani makhosi, bekani indlebe zikhulu, ngizakumhubela uSimakade ngizakuhlabelela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni.


Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza.


“Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.


UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.


Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse olwandle; izikhulu zakhe ezikhethekileyo uziminzise oLwandle Lomhlanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite