Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:15 - IsiZulu 2020

15 Izikhulu zakwa-Edomi zaba netwetwe; izikhulu zakwaMowabi zathuthumela; zonke izakhamuzi zaseKhanani zaphelelwa ngamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Khona aphaphatheka amakhosi akwa-Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Khona izikhulu zakwa-Edomi ziyakumangala; amaqhawe akwaMowabi ayabanjwa ukuthuthumela; bonke abakhileyo eKhanani bayoncibilika.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:15
24 Referans Kwoze  

Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.


Sithe ukuba sizwe ngalokho izinhliziyo zangenwa yingebhe, kwangaba bikho muntu onesibindi sokuma phambi kwenu, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu, unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa.


Yala abantu, uthi: “Niyodabula umngcele wabafowenu bozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri. Bayonesaba, nokho anoqaphela,


Lawa ngamagama ezkhulu ezadabuka ku-Esawu ngemindeni nangezifunda zawo: nguThimna, u-Alva, uJethethi,


Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi, amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.


Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.


Isiphrofetho ngeGibhithe. Bheka, uSimakade ugibele efini elisheshayo, uyeza eGibhithe; onkulunkulu baseGibhithe bazothuthumela phambi kwakhe, nezinhliziyo zabaseGibhithe ziphele amandla phakathi kwabo.


Ngalokho zonke izandla ziyakuba ntekenteke, nezinhliziyo ziphele amandla.


Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.


Ngisho nonesibindi, onenhliziyo enjengeyengonyama, uyophelelwa ngamandla ngenxa yokwesaba, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabantu ahamba nabo bangamaqhawe anamandla.


Abaqaphi bakaSawule eGibheya kwaBhenjamini babona isixuku sihlakazeka, siya ngapha nangalaphaya.


Kodwa abafowethu engangikhuphuke nabo baba nombiko oqeda abantu amandla. Kepha mina ngamlandela uSimakade uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo.


Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”


Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’


Nazi izikhulu ezavela emadodaneni ka-Esawu: amadodana ka-Elifazi, izibulo lika-Esawu, kwakunguThemani, u-Omari, uZefo, uKhenazi,


Ayibona intaba iZiyoni, amangala, ashaywa wuvalo, aphaphatheka,


Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.


uKhora, uGathamu, no-Amaleki. Yilezi-ke izikhulu ezavela ku-Elifazi kwa-Edomi zingamadodana ka-Ada.


Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite