Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:13 - IsiZulu 2020

13 “Ngomusa wakho omiyo njalo uhole abantu bakho obakhululileyo; wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni okuhlala kuyo ubungcwele bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Ngomusa wakho wabahola abantu obahlengileyo; ngamandla akho wabayisa endlini yakho engcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ubaqondisile ngomusa wakho abantu obahlengileyo; Wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni yakho engcwele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:13
21 Referans Kwoze  

Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’


Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha, wabaholela ekujuleni njengasehlane.


Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, nangenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo,


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


Esabamba eyeka, amadoda amxhakathisa ngesandla, yena, nomkakhe, namadodakazi akhe womabili, abakhiphela ngaphandle komuzi, ngokuba uSimakade ngomusa wakhe wayefuna ukubaphephisa.


Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho, indawo Wena Simakade ozenzele yona ukuba uhlale kuyo, indawo engcwele Simakade, emiswe yizandla zakho.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Inkosi yathi kuZadoki: “Ubuyisele emzini umphongolo kaNkulunkulu. Uma ngifumana umusa emehlweni kaSimakade, uzokungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo,


Khumbula ibandla lakho owalizuza kwasemandulo, walikhulula ukuze libe yisizwe esiyifa lakho, nentaba iZiyoni ohlala kuyo.


Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo; uNkulunkulu Ophezukonke ungumkhululi wabo.


Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asotweni, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela okwawela ngayo abahlengiweyo na?


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite